Mayelana nesehlakalo
I-Live Earth iwuchungechunge lwamahora angama 24, amazwe ayi 7 lwamakhonsathi ayi 9 oluzokwenzeka mhla ziyi 7/7/07 azohlanganisa abaculi abangaphezu kuka 100 kanye nabantu abangu 2 billion ukuze banyakazise umhlaba ekuxazululweni kwenkinga yobunjalozwe obuhlasele.
I-Live Earth izofinyelela kulaba babukeli ngobungcweti bokwakhiwa bemidya engakaze ibe khona emhlabeni eyokhava zonke izinhlobo zemidya - i-TV, umsakazo, i-Inthanethi namashaneli angenawaya.
I-Live Earth imaka ukuqala komkhankaso weminyakanyaka oholwa yi-Alliance for Climate Protection, i-The Climate Group kanye nezinye izinhlangano zamazwe omhlaba ukwenza abantu, izinkampani ezinkulu nohulumeni ukuthi benze umnyakazo wokuxazulula ukufudumala komhlaba. Owayeyisekela likaMongameli wase U.S. u Al Gore unguSihlalo we-Alliance abe futhi uPhathina we-Live Earth.
I-Live Earth yasungulwa ngu Kevin Wall, owayeyi-Worldwide Executive Producer ye-Live 8, isehlo esahlanganisa ababukeli abaningi emlandweni wokulwa nobumpofu. U-Wall wasungula ubudlelwano bokunganganyela no Al Gore ne-Alliance for Climate Protection ukuqinisekisa ukuthi i-Live Earth ikhuthaza ushintsho ekuziphatheni esikhathini esingemva kuka 7/7/07. Owayeyisekela likaMongameli wase U.S. u Al Gore ungumbhali we-An Inconvenient Truth, incwadi edayiswe kakhulu emayelana nokusabisa nezixazululo zokufudumala komhlaba kanye nesihloko semuvi yesihloko esifanayo, esiphakanyiselwe ama-Academy Awards amabili.
I-Live Earth izobamba amakhonsathi e-Giants Stadium e-New York; e-Wembley Stadium e-London; e-Aussie Stadium e-Sydney; e-Copacabana Beach e-Rio de Janeiro; e-Maropeng ese-Cradle of Humankind e-Johannesburg; e-Makuhari Messe e-Tokyo; e-Steps of the Oriental Pearl Tower e-Shanghai; e-HSH Nordbank Arena e-Hamburg; nase-Inonu Stadium e-Istanbul.
Mayelana ne-SOS
I-SOS ingumkhankaso womyalezo oqhubekayo nomnyakazo omkhulu engemva kwe-Live Earth. Inhloso yomkhankaso we-SOS ukunika amandla abantu ukuze bashintshe indlela yokuziphatha ekusebenziseni izinto nokugqugquzela izinkampani ezinkulu nabaholi bezepolitiki ukuthi bamise imithetho yezinqumo ukulwa nenkinga yobunjalozwe. Umyalezo we-SOS ukuthi wonke umuntu, noma ikuphi anga futhi kufanele Aphendule Ucingo ukuxazulula inkinga yobunjalozwe. Umazisi nolimi lomkhankaso we-SOS ugxile kwi-Morse code distress call yomhlaba jikelele: amachashaza amathathu, alandelwa odeshi abathathu, balandelwe amachashazi amathathu. Isibonakalisi se-SOS sizosetshenziswa njengocingo oluqhubekayo emnyakazweni ukwenza abantu, izinkampani ezinkulu nohulumeni emhlabeni wonke ukuthi baPhendule Ucingo ngokushesha okuphuthumayo nokuxhasayo. Umkhankaso we-SOS usebenzisa izinhlobo zemidya enhlobonhlobo enamandla - amafilimu amafushane, umabonakude nama-PSA omsakazo, ukwenzelana ngewebhu, izincwadi, amakhonsathi e-Live Earth uqobo lwawo - ukuhlinzeka ababukeli bomhlaba wonke ngamathuluzi okubhekana nenkinga yobunjalozwe. Umkhankaso wemidya enhlobonhlobo uzoqinisekisa ukuthi umyalezo we-Live Earth uzwakala isikhathi eside emva kukamhlaka 7/7/07.
